Izindlela Zokubhenka Zekhasino

banking Kunezindlela ezahlukahlukene zokukhokha ekhasino ye-inthanethi ezitholakalayo manje kubantu baseNingizimu Afrika futhi uma ubusebenzisa ikhadi lakho le-debit noma lesikweleti njalo, kungenzeka ukuthi sesifikile isikhathi sokwenza ushintsho. Ukusebenzisa izindlela ezintsha zokudiphozitha imali ekhasino akuyona nje indlela enhle yokuzama ezinye izindlela zokudiphozitha ezingabe ziphephile kunaleyo oyisebenzisayo, kodwa kuyindlela ehlakaniphile yokuzuza amabhonasi amaningi, ngoba amakhasino ahlukile azama ukukhuthaza abadlali ukuthi basebenzinse indlela ethize yokubhenka ekhasino ngokubanikeza amabhonasi angeziwe uma beyisebenzisa. Kodwa kukhona yini okufanele uyazi ngaphambili kokuthi ubhalisele izindlela ezintsha zokukhokha? Sikubhekele konke futhi sibhale phansi uhlu lwezindlela ezikhona zokukhokha emakhasino e-inthanethi lapha.

Izindlela Zokubhenka Extra Bonus Accepted Currencies Funda Isibuyekezo
- ZAR, $, £, €, AU$, CA$, NZ$ Funda Kabanzi
- ZAR, $, £, €, AU$, CA$, NZ$ Funda Kabanzi
5% – 15% ZAR, $, £, €, AU$, CA$, NZ$ Funda Kabanzi
5% – 15% ZAR, $, £, €, AU$, CA$, NZ$ Funda Kabanzi
- ZAR Only Funda Kabanzi
5% – 15% ZAR, $, £, €, AU$, CA$, NZ$ Funda Kabanzi
5% – 15% ZAR, $, £, €, AU$, CA$, NZ$ Funda Kabanzi
5% – 15% ZAR, $, £, €, AU$, CA$, NZ$ Funda Kabanzi

Ukusebenzisa Amakhadi Akho Ukwenza Idiphozithi

Indlela yokudiphozitha esentshenziswa kakhula nethembekile wukusebenzisa amakhadi e-debit namakhadi esikweleti. Eminyakeni embalwa edlule, abantu ababambalwa baseNingizimu Afrika babambelela emqondweni wokuthi ukheshi yinkosi futhi manje, ikakhulukazi izindleko zebhange ziphansi noma zingekho uma udiphozitha kanye, abaningi babone kunengqondo ukusebenzisa ikhadi le-debit ukudlala emakhasino abawathandayo. Ngisho namakhadi esikweleti asesetshenziswa kakhulu ngoba noma enazo izindleko ezihambelana nenani elikweletwayo, ayashesha futhi alula ukusebenzisa uma kuziwa ekukhokeni nge-inthanethi.

Yize ukusebenzisa ikhadi kungaba yindlela esheshayo futhi kuyindlela elula yokukhokha yabadlali, kuma khasino akuyona indlela ethandwa kakhulu. Amakhasino amaningi akhathazeka ngokubuyisela imali, okuyilapho uma kubikwe ukuthi ikhadi lisetshenziswe ngendlela engafanele noma ngokukhohlisa, bese kumele kubuyiselwe imali ebisetshenziselwa ukudlala ekhasino ye-inthanethi kumdlali. Abanye abadlali baziwa ngokusebenzisa ukubuyiselwa kwemali njengendlela “yokudlala mahhala” kodwa uma sebebanjiwe, ezikhathini eniningi bayavinjelwa ukusebenzisa ikhasino.

Amakhadi esikweleti ongawasebenzisa abandakanya i-MasterCard kanye ne-Visa, kanti amakhadi e-debit abandakanya i-Maestro kanye ne-Visa Electron. Kwezinye izimo, abadlali bayakwazi ukusebenzisa amakhadi akhokhwa ngaphambili abavumela ukuba bawafake imali bese bewasebenzisa ekhasino ye-inthanethi singekho isidingo sokudalula imininingwane yezezimali.

AMA-EWALLETS OKUBHENKA NGAWO EKHASINO YE-INTHANETHI

Ama-ewallet ngenye yezindlela ephephe nehlakaniphe kunazo zonke ongayisebenzisa ukudlala ekhasino ye-inthanethi. Akukhona nje kuphela ukuthi izinhlelo zama-ewallet aphezulu ahlukaniswa njengaphephile navikelekile, kodwa ngemuva kokubhalisa kokuqala, ziyashesha futhi zilula ukusebenzisa ekukhipheni nasekudiphozitheni imali. Ama-ewallet asebenza njengomxhumanisi phakathi kukamdlali nekhasino ngokunikeza isango umdlali okumele adlule ngalo ngaphambili kokuthi kugunyazwe noma yiluphi uhlobo lwenkokhelo yekhasino.

Ukusebenzisa ama-ewallet kuvumela abadlali ukuthi bafake iphasiwedi ngaphambili kokuba bakhokhele ikhasino futhi lokhu akugcini ngokuqinisekisa ukuthi nguyena umdlali ngokwakhe osebenzisa leyo akhawunti ngokusemthethweni, kodwa kumakhasino, lokhu kusho ukuthi mancane amathuba okubuyisela imali. Amakhasino ajwayele ukukhuthaza abadlali abafuna ukubhenka ngama-ewallet, futhi avame ukubakhuthaza ngamabhonasi akhethekile uma bewasebenzisa ama-ewallet.

Izinhlelo zama-ewallet zibandakanya i-PayPal, Skrill, i-Neteller nezinye eziningi. Qinisekisa ukuthi uyabheka ukuthi yiziphi izinhlobo zamabhonasi ezitholakala kuwe uma usebenzisa i-ewallet.

AMA-EFT NJENGENDLELA YOKUKHOKHA EKHASINO YE-INTHANETHI

Igama elithi “EFT” selidume kakhulu eNingizimu Afrika eminyakeni eyishumi edlule futhi njengoba abantu abaningi basebenzisa ama-app emafonini abo ukudlulisa imali ekuma-akhawunti abo ebhange ukukhokhela izinto ku-inthanethi nezitolo, kunengqondo ukuthi kungani le ndlela isetshenziswa amakhasino nawo. Kodwa iphephe kangakanani? Kungenzeka ukuthi abadlali abakhokha nge-EFT babe nokukhathazeka okuthize ngale ndlela yokukhokha, hhayi nje kuphela mayelana nezokuphepha kodwa nangokuthi inkokhelo yabo izobonakala ngokushesha okungakanani. Lesi yisizathu sokuthi ezinye izinkampani zisungule izingosi ze-EFT ukuze zinikeze abadlali ukuthula kwengqondo.

Isibonelo esisodwa sohlobo sale ngosi yi-EasyEFT, ingosi yenkokhelo yaseNingizimu Afrika evumela abadlali ukuthi badiphozithe imali esuka ngqo ku-akhawunti yabo yebhange ngaphandle kokunikeza imininingwane yabo yokubhenka.

UKUDLULISA IMALI NGEBHANGE

Yize ukudlulisa imali ngebhange kungaziwa kangako noma kungeyona indlela evame ukusetshenziswa e-South Africa, kodwa empeleni inendawo ohlwini lwezindlela ezikhona zokukhokha. Izindlela ezinjenge-Moneygram kanye ne-Western Union zivame ukusetshenziswa eMelika, kodwa abanye abantu baseNingizimu Afrika bathanda ukusebenzisa lezi zindlela ukudiphozitha imali ngesizathu esilula sokuthi ziyabafihla. Ukudlulisa imali ngebhange akudingeki ukuthi udalule iminingwane yakho ebucayi neyezezimali kubanye abantu noma kukhasino, okusho ukuthi uma uthanda ukugcina imininingwane yakho ingekho ku-inthanethi, lena yindlela yokukwenza.