Amakhasino e-Bitcoin

Amakhasino e-Bitcoin

bitcoin-casinos

Enye yezinkinga ezinkulu abadlali abahlangabezana nazo emakhasino e-inthanethi yisikhathi esithathwa imali abayikhiphile ukukufinyelela kubo. Ukufika kwe-Bitcoin kwashintsha konke lokho.

I-Bitcoin, ngokungafani nemali ejwayelekile ye-fiat, yi-cryptocurrency. Iyimali edijithali, okusho ukuthi ungayisebenzisa ku-inthanethi kuphela. Ayilawulwa yinoma yimuphi uhulumeni noma isikhungo sezezimali. Futhi inzuzo enkulu kakhulu: ngoba ayilawulwa, izinkokhelo – ukudiphozitha kanye nokukhipa imali- ziyashesha.

Izinzuzo eziningi ezinikezwa yi-Bitcoin ngaphezulu kwezimali ezivamile ze-fiat ziholele ukuthi amakhasino e-inthanethi aqale ukwamukela i-Bitcoin njengemali yokukhokha.

Yini Ikhasino ye-Bitcoin?

Ikhasino ye-Bitcoin yikhasino ye-inthanethi noma ikhasino yeselula esekela izinkokhelo nge-Bitcoin. I-Bitcoin isibe khona isikhashana futhi isetshenziselwa ukwenza izinkokhelo ku-inthanethi. Ekuqaleni amakhasino e-inthanethi ayengabaza futhi engakhululekile ukuvumela ukusetshenziswa kwayo ngoba abengazi ngayo. Esinye isizathu sokukhathazeka kwakuyiqiniso lokuthi ukuhwebelana nge-Bitcoin kuqinisekisa ukuzifihla ngokuphelele.

Kodwa-ke, ukuthandwa kwe-Bitcoin njengemali yokuthenga ku-inthanethi kwashintsha lowo mbono. Okushintshe izinto ngokuphelele yijubane lokuqedela ukuhwebelana. Futhi liyinikeze izinzuzo ezinkulu njengoba abadlali abaningi sebeqalile ukusebenzisa i-Bitcoin njengemali eyintandokazi.

Izinhlobo Zamakhasino e-Bitcoin

Kunezinhlobo ezinkulu ezingu-2 zamakhasino e-Bitcoin. Kukhona amanye amakhasino e-Bitcoin asekela zonke izimali ze-fiat kanye ne-Bitcoin: ungakhetha ukukhokha ngezimali ezifana ne-Euro, amadola aseMelika, ama-GBP, amaRandi kanye nanoma yiziphi ezinye izimali othola amakhasino e-inthanethi evame ukusekela, noma ungakhetha ukukhokha ngama-Bitcoins.

Uhlobo lwesibili lwamakhasino e-Bitcoin yilawo amukela izinkokhelo ngama-Bitcoins kuphela. Kula makhasino wenza amadiphozithi nokukhipha imali ama-Bitcoins kuphela. Noma kunjalo, uma sibheka konke okunye, zombili lezi zinhlobo zamakhasino ziyafana. Abukeka futhi asebenza njengamanye amakhasino e-inthanethi neselula, asebenzisa isofthiwe evela kubahlinzeki abafanayo abajwayelekile, futhi akunikeza amabhonasi athakazelisayo kanye namaphromoshini kubadlali bawo.

Imehluko uma eqhathaniswa namakhasino e-inthanethi neselula ajwayelekile , uma ikhona, mincane, ngaphandle kowodwa: ukuhwebelana kwenzeka ngokuphazima kwehlo, ikakhulukazi ukukhipha imali. Lo mehluko umkhulu uma kuqhathaniswa namakhasino ajwayelekile.

Okulandelayo ngezinye zezindawo lapho ikhasino ye-Bitcoin inghluka kunekhasino ye-inthanethi ejwayelekile.

  • Yonke imidlalo emakhasino e-Bitcoin ilungile okuqinisekisayo (provably fair). Sizobuye sixoxe ngomqondo we lungile okuqinisekisayo ngokuningiliziwe kamuva.
  • Uhlu lwemidlalo lungabandakanya imidlalo embalwa ekhethekile enikelwe ukuphromotha ikhasino. Ngokuvamile le yimidlalo ongayitholi ekhasino ejwayelekile.
  • Kungaba khona ibhonasi ekhethekile, isib. ibhonasi yediphozithi engekho noma ibhonasi yokukwamukela, ekhasino ye-Bitcoin. Lezi zinhlobo zamabhonasi zinikezwa ngo-opharetha ukuphromotha ikhasino ye-Bitcoin.
  • Amakhasino e-Bitcoin ngokuvamile anezindleko eziphansi zokuhwebelana. Lokhu kungenxa yokuthi i-Bitcoin iyimali ye-idijithali engalawulwa futhi engekho ngaphansi kwebhange elikhulu. Noma yiziphi izindleko zokuhwebelana zibhekwa kuphela njengendlela yokukhuthaza abavukuzi be-Bitcoin ukugcina i-blockchain iqinile. Ikhasino ngokwayo ngeke ikhokhise noma iyiphi indleko yokusebenzisa ama-Bitcoins.
  • Ngoba i-Bitcoin ayiphansi kwebhange elikhulu noluthi ayilawulwa ngumthetho, asikho isidingo esidingekayo sokuthola amalayisense.
  • Amakhasino e-Bitcoin, ngokungafani namakhasino e-inthanethi ajwayelekile, anikeza abadlali indawo ecashile ngokuphelele. Lokhu kuyinzuzo enkulu ngoba ivumela ukuba babheje imali- encane noma enkulu- ngaphandle kokukhathazeka nganoma iyiphi inhlangano yezezimali noma kahulumeni ilandelela ukukhokha kwabo.

Nakuba ukwazi ngamakhasino e-Bitcoin kungusizo olukhulu, kubalulekile futhi ngokulinganayo ukwazi ukuthi empeleni ama-Bitcoins asebenza kanjani. Lokhu kuzokuvumela ukuthi ukwazi ukuyisebenzisa kangcono nangempumelelo. Awuqinisekile ukuthi i-Bitcoin isebenza kanjani? Chofoza lapha ukufunda kabanzi nge-Bitcoin

Manje njengoba usuyazi ukuthi yini i-Bitcoinkanye nokuthi iyini ikhasino ye-Bitcoin, ake sibheke ukugembula nge-Bitcoin emakhasino e-inthanethi naweselula.

Ukugembula nge-Bitcoin Ku-inthanethi Nakuselula.

  • Inzuzo enkulu kakhulu, njengoba sishilo ekuqaleni, yijubane lokuqedela ukuhwebelana. Lesi ngesinye sezizathu ezivame kakhulu zokuthi abantu bashintshe ukwenza izinkokhelo ngemali ye-fiat besebenzisa noma yiziphi izindlela zokukhokha ezijwayelekile benze izinkokhelo nge-Bitcoin.
  • Isici sesibili esikhulu ukuzifihla okunikezwa yi-Bitcoin. Awudingi ukuveza imininingwane ngawe ukuze udlale imidlalo yasekhasino ye-inthanethi ngemali yangempela emakhasino e-Bitcoin.
  • Isici esikhulu sesithathu yiqiniso lokuthi umdlalo ngamunye ulungile okuqinisekisayo; okusho ukuthi abadlali banganquma ukuthi i-spin ngayinye yesondo noma yedayisi ilungile.
  • Isici sesine esikhulu ukuthi i-Bitcoin uhlobo lwemali olungekho ngaphansi kwebhange elikhulu, okusho ukuthi ayikho ngaphansi komthethonqubo nokulawulwa okwenziwa yizikhungo zezimali nezinhlangano zikahulumeni ezilawula izimali ezijwayelekile kanye nezindlela zokukhokha ezisetshenziselwa ukuzicubungula zedlule.
  • Emakhasino e-Bitcoin amaningi, amathuba okuthi ikhasino iwine mancane uma eqhathaniswa nalawo atholakalayo emakhasino e-inthanethi ajwayelekile, futhi lokho kuya heha abadlali kakhulu.

Into enhle kakhulu ngokugembula emakhasino e-inthanethi neselula e-Bitcoin ukuthi awuphuthelwa yinoma ikuphi ukujabula ohlangabezana nakho ekhasino ye-inthanethi ejwayelekile. Uthola uhlu oluphelele lwemidlalo ongakhetha kuyo kubandakanya ama-slots, imidlalo yetafula, imidlalo yamakhadi, i-poker yevidiyo, imidlalo ekhethekile kanye nemidlalo yomdayisi obukhoma.

Kwamanye amakhasino uzothola nemidlalo ye-jackpot ekhula njalo (progressive jackpot). Uhlu lwemidlalo olutholayo luncike kukhasino okuyo kanye nakumhlinzeki noma abahlinzeki besofthiwe abasetshenziswa yikhasino.

Iningi labahlinzeki besofthiwe yekhasino ye-inthanethi abahamba phambili banikela ngemidlalo yabo emakhasino e-Bitcoin. Yonke imidlalo iqhutshwa ngokulingana, njengoba kushiwo ekuqaleni.

Kodwa-ke, ukuze uqiniseke, ungafunda ngedumela lamakhasino e-inthanethi e-Bitcoin ngaphambi kokubhalisa noma kuiyiphi ikhasino. Lapha e-OnlineCasinosOnline.co.za, sinezibuyekezo zawonke amakhasino amakhulu e-Bitcoin ezithembekile, eziphelele neziningiliziwe. Konke okumele ukwenze ukufunda izibuyekezo bese ukhetha leyo ehlangabezana kahle nezidingo zakho.

Uhlu Lwethu Lwamakhasino E-Bitcoin Aphezulu Abadlali BaseNingizimu Afrika