Amakhasino e-Playtech e-Ningizimu Afrika

PSCA Game Providers PLaytech

Njengoba ingomunye wabahlinzeki besofthiwe yemidlalo ye-inthanethi abahamba phambili embonini, i-Playtech ihlonishelwa izici ezintsha ezisetshenziswayo kumdlalo ngamunye omusha abawukhiphayo. Ngaphezulu kwemidwebo eningiliziwe kanye nezici ezinomvuzo omkhulu okuyimpawu yokukhiqizwa kwazo, ukudlala emakhasino e-Playtech kuletha ukuphepha nokuzethemba ngenxa yokusebenza ngendlela ephephe ngokuphelele nevikelekile. Ungakhetha kuhlu olude lwemidlalo yasekhasino kubandakanya imishini yama-slot, i-poker yetafula neyevidiyo.

Inqwaba yama-opharetha emidlalo isebenzisa amapulatifomu okudlala asheshayo e-Playtech angadawunilodwa naweselula, ngakho-ke bheka leli tafula elingezansi elikulethela uhlu lwamakhasino e-Playtech amahle kakhulu atholakalayo kubadlali baseNingizimu Afrika futhi ungajabulela inqwaba yemidlalo yasekhasino ku-PC yakho , i-laptop, i-tablet noma i-smartphone ngenkathi ubheja nge-ZAR.

Amakhasino E-inthanethi e-Playtech Amukela Abantu baseNingizimu Afrika

1

200% Ize ifike R5,000 + 100 Izikhathi Zokudlala Mahhala Ama-No Deposit Bonus
Currencies Available

Izinhlobo Zemali

ZAR

2

R100 iBhonasi Lamahhala + R24,000 Ibhonasi Lokukwamukela
Currencies Available

Izinhlobo Zemali

ZAR

Isungulwe ngo-1999, i-Playtech isebenze iminyaka engaphezulu kweyishumi nohhafu ekukhiqizeni imidlalo yasekhasino yobuchwepheshe enikeza isipiliyoni sokudlala esihle. Ungakhetha emidlalweni engaphezulu kwengu-500 equkethe imidwebo evelele futhi efanele wonke umuntu. Imidlalo emisha engaphezulu kwengu-50 ikhishwa minyaka yonke futhi ungakhetha izinhlobo nhlobo ze-Blackjack, ze-Poker, ze-Poker Yevidiyo, ze-Crap, ze-Roulette nokuningi. Amakhasino asebenzisa isofthiwe ye-Playtech imvamisa ahlinzeka ngebhonasi yediphozithi engekho yamahhala ukuze ukwazi ukuzama zonke izici zemidlalo ngaphambi kokudiphozitha imali yakho.

Imidlalo yetafula neyamakhadi iyatholakala ngokuhlukahluka okuningi futhi iqukethe izithombe ezingokoqobo nemisindo kanye nemifanekiso ebushelelezi ekunikeza isipiliyoni sekhasino sangempela. Ungajabulela izinhlobo eziningi ze-Blackjack ezitholakala ebangeni elibanzi lokubheja kanye nemidlalo ehlukahlukene ye-poker yevidiyo kubandakanya i-multi-hand poker yevidiyo engadlalwa ezandleni ezingu-100 ngasikhathi sinye. Ngaphandle kwalokho, ungajabulela izihloko eziyishumi nambili ze-Roulette kubandakanya izihloko zaseYurophu naseMelika.

I-Playtech yinkampane yemidlalo ebhekele ukukhiqizwa kwemidlalo yabadayisi ababukhoma. Isakazwa bukhoma emakhasino asezakhiweni futhi ikunikeza isipiliyoni sekhasino sangempela ngaphandle kwesidingo sokushiya ukunethezeka kwekhaya lakho. Le midlalo idlalwa bukhoma futhi ikuvumela ukuthi uhlanganyele nabanye abadlali nomdayisi etafuleni olikhethile. Okwamanje ungajabulela ukudlala imidlalo emithathu ebukhoma, i-Roulette, i-Blackjack ne-Baccarat elethwe ekhaya lakho ngokusakazwa kwevidiyo ngekhwalithi ye-HD.

Ama-Slot Nezizumbulu Zemali Ekhula Njalo (Progressive Jackpots) e-Playtech

Igalari yemishini yama-slot ekhiqizwe yi-Playtech iqukethe zonke izinhlobo zama-slot evidiyo, akudala nakhula njalo (progressive) eziqukethe izingqikithi ezahlukahlukene ezinezindikimba zabantu abathandwayo, amafilimu, ezemidlalo nokuningi. Ama-slot aqukethe imidwebo emihle nebushelelezi ehambisana nengoma efanelekile enomthelela kusipiliyoni sakho sokudlala.

Kungakhathaliseki ukuthi imidlalo ingahluka kanjani uma kuziwa ezingqikithini nemidwebo yayo, wonke ama-slot akhiwe yi-Playtech aqukethe ezinye izici ezifanayo, njengenombolo yama-payline ephakathi kuka-15 no-25 anesici esengeziwe esikuvumela ukuthi ukhethe ukuthi mangaki ozowasebenzisa. Unikezwa futhi ithuba lokukhetha ukubheja nge-payline ngayinye elengeza ubulula bokudlala umdlalo futhi ngokujwayelekile ungabheja kusuka ku-R0.10 kuya ku-R50 nge-payline ngayinye. Ngokuqondene nezici ezikhethekile, uzonikezwa ama-wild nama-scatter kanye nama-spin amahhala nomdlalo oyibhonasi.

Ezinye zezihloko ezithandwa kakhulu ze-Playtech zibandakanya imishini yama-slot enamalayisense asuselwa ezincwadini zamahlaya namabhayisikobho athandwayo. Ngenxa yamalayisense akhethekile asayinwe yi-Playtech, ungajabulela abadlali be-Marvel njengo-Incredible Hulk, u-Iron Man noma o-X-Men. Imishini yama-slot esuselwe ezincwadini zamahlaya e-Marvel nayo iletha ama-jackpot akhula njalo, ngakho-ke ungalindela ukuwina izinkokhelo ezinkulu ekugcineni kwezinga ngalinye lomdlalo. Ngaphandle kwemishini yama-slot esuselwe ezincwadini zamahlaya e-Marvel, ezinye izihloko ezidumile zibandakanya i-Beach Life, i-Night Out kanye ne-The Gladiator. Ama-slot e-Playtech enzelwe ukusebenza kahle kuwo wonke amapulatifomu. Zonke izici azishintshi ngesikhathi soguquko futhi akukho okunye okubukwayo okushintshwa ngamasikrini ama-smartphones noma ama-tablet. Izindaba ezimnandi wukuthi i-Playtech ingeza imidlalo yayo emisha kumakhasino e-inthanethi njalo, ngakho-ke ungajabulela ama-slot amaningi noma ngabe ukuphi.

Izindlela Zokukhokha ekhasino yePlaytech

Amakhasino e-Playtech amukela izindlela zokukhokha zakudala ezinjengamakhadi esikweledi nokudlulisa imali ngebhange. Ungasebenzisa i-Visa, i-Master noma i-Maestro card ukudiphozitha kanye nokukhipha imali uma ufuna ukugcina izinkhokhelo zakho zehlukane ne-akhawunti yakho ejwayelekile futhi ziyimfihlo, ungakwazi ukukhetha ama-wallets noma izindlela zokubhenkha ezisheshayo eizinjenge- Neteller, , i-ecoPayz, i-Skrill noma i-Intropay.

Into ebaluleke kakhulu kubadlali base Ningizimu Afrika wukuthi wonke amakhasino angenhla amukela izinkokhelo nge-ZAR okuzokonga isikhathi sakho nemali yakho ngoba asikho isidingo sokushintsha imali kunoma iyiphi enye imhlobo yemali, Ngakho-ke azikho izinhleko ezengiziwe zokushintshisa ezikhokhiswayo. Uma kuziwa ekukhipheni kwemali, kudingeka ukuthi uthumele amadokhumenti ukuze uqinisekise imininingwane ngawe. Lokhu kucelwa kanye nje, lapho ukupha imali kokuqala. Ama e-wallet angenye yezindlela ezilula kakhulu uma kukhulunywa ngokukhipha izimali ku-akhawunti yakho njengoba lezi zindlela zivame ukuba mahhala futhi ukukhishwa kwemali kucutshungulwa ngesikhathi esinqunyiwe, kuthatha izinsuku ezimbili zokusebenza.

Kungani Udlale Emakhasino e-Playtech?

Izinhlobo eziningi zemishini yama slot enezithombe ezinhla kakhulu nezici zebhonasi ezijabulisa kanye nenqwaba yemidlalo yetafula neyamakhadi kubandakanya abadayisi ababukhoma bayisizathu esikhulu sokuthi umutu azame ikhasino ye-Playtech. Ngaphandle kwalokho, ungafinyelela kuyo yonke imidlalo yawo ngawo wonke amapulatifomu njengama-PC, ama-Labtop, ama-smartphone noma ama-Tablet. Kungakhathaliseki ipulatifomu odlala kuyo, uzonikezwa ispiliyoni sokudlala esijabulisayo endaweni ephephile nelungile eqinisekiswe ngabacwaningi abazimele, futhi zonke izibalo zingahlowa njengoba inani eliwiniwayo kuyo yonke imidlalo yayo abadlali idalulwa njalo.

Uma uzokhetha ikhasino ozodlala kuyo, enye yezinto ezibalulekile kungaba yibhonasi enikezwa yikhasino ethile futhi kunamapromoshini ahlukahlukene. Ukuze uzame imidlalo noma ufunde ukugembula, ngokuya ngamadiphozithi akho ungathola kusuka ku-R5,000 kuya ku-R60,000 ibhonasi lokwamukela, eklanyelwe abagembuli bemali enkulu(High Rollers). Ungajabulela futhi ibhonasi yediphozithi engekho ize ifike ku-R150 uma uzizwa ungafuni ukufaka iamli yakho engcupheni.

Khetha ikhasino ngokuthanda kwakho futhi ujabulele izici ezahlukahlukene zemidlalo yekhasino ezinjengama spin wamahhala, imidlalo eyibhonasi noma ukubhejela amageyimu etafula owathandayo.Futhi ungadlala imidlalo yetafula yabadayisi ababukhoma ekuyisa ngqo kumakhasino asezakhiweni aphethwe ngama croupier angochwepheshe futhi ahehayo futhi ajabulele ukudlala okubushelelezi ngentengo elungile kusuka ekunethezekeni kwekhaya lakho noma uhamba.